Inkampani yaphesheya ngeke yakwazi ukwenza isicelo sokubhalisa eNingizimu Afrila. Zinkampani ezibhalise lapha ezweni kuphela, isakhamuzi saseNingizimu Afrika, noma inhlangano esemthethweni ebhalise eNingizimu Afrika engenza isicelo sokudla kwemfuyo kanye nezinonisi.
Ukudla kwemfuyo akubandakanyi utshani belala , izimpepha namakhoba , utshani befolishi engaphansi komhlabathi , imfulo yesayileji , kanye nanoma yiziphi izinhlamvu zikakolo , noma yikuphi okunye ukudla kwemfuyo okulungiswa ngumlimi ukuze akusebenzisele imfuyo yakhe.
Incwadi ehambisana nesicelo ebuya kulowo obhalisile, noma kulowo oqokelwe ukumela obhalisile.
Gcwalisa ifomu ngokugcwele, ngaphandle kokuchaza ngezicelo ezedlule, inombolo yekhasi noma amanye ama-product . Enye kungaba yikhophi.
Umuntu oqokwe ngokomthetho, okumele kube nguye ozoxhumanisa inkampani no-Registrar, kumele asayine amafomu ezicelo.
Igama kanye nenombolo yobhaliso ye-product kumele isetshenziswe njengoba kuchaziwe kwisitifikedi sobhaliso . Noma yiluphi ushintsho, ngisho noma luluncane kangakanani, luzothathwa njengesichibiyelo.
Fakela amafomu ezicelo kwihhovisi lezokuphatha. Ukuhambisa amafomu kuma-Technical Adviser, kuzochitha isikhathi ngokubambezela inqubo.
afakele ngamabili bhala ngeSingisi noma nge-Afrikaans. Asikho isidingo sokuba namalebuli aprintwe ngazo zombili izilwimi kumele abhalwe ngokucacile; ngokulandela iformat eyiyo musa ukufakela izinombolo kwizixwayiso kanye nezeluleko zokuphepha yonke imininingwane kumalebuli kumele ihambelane ncamashi naleyo efakelwe kwifomu lesicelo.
Kungathatha cishe izinyanga ezintathu ukuya kwezine ukuthi ukudla kwemfuyo nokwezilwanyana ezifuyiwe kurejistwe.
